Ngakhetha ukungena ngesango elincane, nokuhamba ngendlela eyingcingo.
Emva koKhetho, nasemva kokuba kwaphinda kwacweba iziziba, ngizithola ngihlukile. Izwe lethu libukeka sengathi nalo lihlukile – kunenhlasana yethemba, kungaqhutshekwa emva kweminyaka yenkohlakalo. Kodwa sengiqala ukuwuzwa umehluko kimina.
Kusengathi ngaba yisiphungumangathi esalenga iminyaka emoyeni, kwaqhamuka esinye isilwane kunalesiya esangena kusona. Kodwa abakwaziyo bathi isiphungumangathi singathatha iminyaka ukuze okungaphakathi kwaso kuphenduke kube ngokunye. Ngakho, emva kweminyaka, sengiphendukile.
Eqinisweni, kade ngakhetha ukuphila impilo ehlukile.
Ngisemncane ngakhetha ukungacwasi nganoma yini, ngaphinda ngakhetha ukuba ngumuntu woxolo nokuxolisa. Ukukhetha kwami kwasekelwe kulokho engakufunda emndenini – kubazali, ikakhulukazi.
Ngakhetha ukuba yindoda engejwayelekile – vele, ngakhetha ukuba ngumuntu kuqala, hhayi umlungu ovamile. Ngakhetha ukufunda kubantu abasondelene nami, nokungachithi isikhathi sami ngokuba nomona. Kwaba yindlela eyingcingo ngempela leya.
Ngakhetha ukuthanda engibathandayo ngenhliziyo yami yonke. Ngakhetha uKhethiwe wami, olugqozi lwami mihla namalanga.
Ngakhetha indlela yempilo enobuhle nobuciko – edwetshwe ngemibala ehlukahlukene, egcwele izingoma ezimnandi, ephekwe ngezithako ezikhethekile, ebhalwe ngamazwi anogqozi noliminyoninco.
Kodwa ngisanda ukukhetha indlela eyingcingo kakhulu. Le ncwadi oyifundayo yisinyathelo esisodwa kulolo hambo.
Esokuqala saba ngukuhumusha kwami kwencwadi ephelele yesiZinda samaFa lapho kwabanjwa khona owayengumongameli wokuqala wentando yabantu, uNelson Mandela. Lowo msebenzi wangivusa ebuthongweni.
Esesibili saba ngukubhala inganekwane yami engajwayela ukuyitshela abantwana bami – uSikhulumi kaHlokohloko. Ngangena emncintiswaneni wezindatshana zesiZulu ezohlobo lwe’Speculative Fiction’, ngaba ngomunye wabayisikhombisa ababhali abakhethelwe ukuba izindatshana zabo zingene encwadini ye-Izinkanyezi ezintsha eshicilelwe nguKwasukela Books. Kwaba injabulo yodwa kimi ukunconywa ngale ndlela.
Kodwa ngangingenisa izindatshana ezimbili. Eyesibili, ukuThintana, yabukeka sengathi yayingathandeki kakhulu. Bengidumele, ngoba kwakuyindatshana yohlobo lwe’Science Fiction’, okulona engiluthanda kakhulu. Kodwa emva kwenyanga eyodwa ngashayelwa lucingo ngumHleli omuhle waKwasukela Books, uWade, ethi “Ngempela, sasingafuni ukushicilela ukuThintana njengendatshana – kungcono ibe inoveli ephelele”. Inhliziyo yami cishe yaphela lapho.
Ngakho, ngakhetha ukubhala inoveli yami yokuqala ngalolu limi olufundayo, olungulimi lukababa nomndeni wonke – hhayi ukungena ngesango elibanzi lapho baningi abangena khona. Lolu hambo lusaqhubeka. Ngithemba ukuba ngingakutshela okunye ngalo kwesinye isikhathi. Kodwa ngizokushiyela umbuzo owodwa: ukhetha ukungena ngaliphi isango?
- Mfundi omuhle, ungabahumushela abangakhulumi isiZulu
- Ungabhala ngokuthi nawe ukhetheni

One reply on “Khetha”
Okay – you are not an asshole.
LikeLike