Categories
uPhunga noMageba

ubunsumansumane

Ngenkathi ngaqala ukubhala izincwadi zesiZulu, bengingazi ukuthi uhlobo engilubhalayo lubizwa kanjani ngolukaPhunga noMageba.

Kade ngazi ngezinkondlo nangezindatshana nezindaba (phecelezi amanoveli), kodwa ikakhulukazi lezo zithanda ukubhalwa (ngesiZulu) ngezinto ezenziwa empilweni yasemhlabeni – hhayi ngezinto zomcabango (phecelezi ze-imagination). Okunye ebengazi ngakho yizinganekwane – ngakho indatshana yami yokuqala yaba yalolo hlobo.

Izinganekwane zithanda ukubizwa ngelinye igama – izinsumansumane. USolwazi Mbatha, encwadini yakhe eyisichazimazwi sesiZulu, usho ukuthi insumansumane “yindaba okunenkolo yokuthi yenzeka kudala noma-ke kungekho bufakazi obuqinile balokho” noma “yisehlakalo esingajwayelekile”. Usho futhi ukuthi inganekwane “yindaba exoxwa ngomlomo ngenhloso yokudluliselwa esizukulwaneni ngesizukulwane ixoxelwe ubumnandi nokufundisa noma ingelona iqiniso” noma “ngokungakholeki okungelona iqiniso; imbude”.  

Njengoba uhlobo lwencwadi engithanda ukubhala yilona olubizwa nge”Speculative Fiction” ngesiNgisi, lawa magama ayalufanela – ikakhulukazi ngoba izindaba zami zikhuluma ngezehlakalo ezingajwayelekile nangezinto ezingakholeki noma ezingelona iqiniso. Kodwa yimuphi umehluko phakathi kwe-Fiction ne-Speculative Fiction? I-Fiction yilolo hlobo lwendaba oluthanda ukukhuluma ngezinto ezingelona iqiniso, kodwa ezenziwa emhlabeni esiwujwayele mihla namalanga – ikakhulukazi emhlabeni wesimanje. Kodwa i-Speculative Fiction ikhuluma ngezinto ezingabe zenziwa emhlabeni ohlukile, noma emkhathini (phecelezi ‘in space’), noma esikhathini sekusasa elikude. Umhlaba engibhala ngawo uhluke kakhulu kunalona esiphila kuwo namuhla, njengoba izigameko zenziwa ezikhathini ezizayo (noma ezingeza kithi uma singabhekile).

Ngakho-ke, emva kweminyaka ngibhala ngezinto ezingelona iqiniso, sengikhetha ukukhuluma ngohlobo lwami lokubhala ngegama “ubunsumansumane”. Uma ngifuna ukugcizelela ukuthi yi-Science Fiction, ngithi “ubunsumansumane bekusasa”.

Uthini, mfundi omuhle? Kuyazwakala?  

White Zulu's avatar

By White Zulu

Umtoliki, umlobi, imbongi, umcwaningi nomqoqi wezakudala, eneziqu zeMasters ngeClassics, okanye esekhuluma izilimi eziyisikhombisa.
Translator, writer, poet, researcher, cook and collector of arcana, with a Masters in Classics and (so far) seven languages under my belt.

Leave a comment