Categories
uPhunga noMageba

ubunsumansumane

Ngenkathi ngaqala ukubhala izincwadi zesiZulu, bengingazi ukuthi uhlobo engilubhalayo lubizwa kanjani ngolukaPhunga noMageba. Kade ngazi ngezinkondlo nangezindatshana nezindaba (phecelezi amanoveli), kodwa ikakhulukazi lezo zithanda ukubhalwa (ngesiZulu) ngezinto ezenziwa empilweni yasemhlabeni – hhayi ngezinto zomcabango (phecelezi ze-imagination). Okunye ebengazi ngakho yizinganekwane – ngakho indatshana yami yokuqala yaba yalolo hlobo. Izinganekwane zithanda ukubizwa ngelinye igama – izinsumansumane. […]

Categories
uPhunga noMageba

Khetha

Ngakhetha ukungena ngesango elincane, nokuhamba ngendlela eyingcingo. Emva koKhetho, nasemva kokuba kwaphinda kwacweba iziziba, ngizithola ngihlukile. Izwe lethu libukeka sengathi nalo lihlukile – kunenhlasana yethemba, kungaqhutshekwa emva kweminyaka yenkohlakalo. Kodwa sengiqala ukuwuzwa umehluko kimina. Kusengathi ngaba yisiphungumangathi esalenga iminyaka emoyeni, kwaqhamuka esinye isilwane kunalesiya esangena kusona. Kodwa abakwaziyo bathi isiphungumangathi singathatha iminyaka ukuze okungaphakathi kwaso […]