Categories
Uncategorized

06/06/2013 Isolezwe Headlines (selected)

Basola ukuthi uzingqongqisile obebalisa ngendlala – 30 points {front page headline}

Basola ukuthi uzibulele obehlala ebalisa ngosizi – 25 points {page 3 article}

Owesifazane waseNhlangakazi eNdwedwe obehlala ebalisa ngokweswela kwakhe nomndeni wakhe, kusolwa ukuthi uzithungele ngomlilo waba ngamalahle, kwasinda umzukulu wakhe ngempelasonto kusha indlu abebekuyona.

Bashaqekile ngohlahlele intombi wabe esezibulala – 20 points {page 3 article}

Sishaqise abaningi isenzo sowesilisa ohlahlele ngocelemba intombi yakhe ehlathini ngaphambi kokuthi aphuze ushevu wokubulala amakhizane maqede wazilengisa.

UMlaba akasiboni isidingo sokuphawula ngokaManase – 10 points {page 6 story}

Obeyimeya kaMasipala weTheku, uMnuz Obed Mlaba, uthi akayingeni indaba yokuphawula ngokuvela kwegama lakhe embikweni kaManase wenkohlakalo yezigidi zamarandi. Uthi akasiboni isidingo sokuphawula ngawo ngoba awusho lutho.

UMchunu wexwayisa othishanhloko – 5 points {page 14 article}

Ungqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal usexwayise osikhwili phambana nobhoko bothishanhloko, abagweva nezitifiiketi zabafundi abebenza u-matric nyakenye ngoba bengazibuyisanga izincwadi, ukuthi abkuyeke lokhu ngoba akuvumelekile. 

Ufukala abanye olokhu edlondlobala kwezamabhizinisi – 35 points {page 26}

Kudingeka kubanjiswane ukuze kongiwe ngendlela imvelo – kuloba uDkt Bandile Mkhize, Isikhulu esiphezulu seKZN Ezemvelo Wildlife – 35 points {page 27 column, ‘Siwela imifula’}

IChina izotshala u-R3 billion: Radebe – 5 points {page 30}

Kuzohlomula ngamathuba emisebenzi inqwaba yabantu baKwaZulu-Natal abakhele izindawo zamakhosi njengoba osomabhizinisi baseChina, ngokubambisana nohulumeni wesifundazwe behlela ukutshala imali engu-R3 billion emhlabeni ongamahektha angu-40 000.

As usual, feel free to post translations – some of the opening sentences were interesting, so I’ve included them here. What always amazes me is the degree to which dialect is encouraged in the paper.

 

 

By White Zulu

Umtoliki, umlobi, imbongi, umcwaningi nomqoqi wezakudala, eneziqu zeMasters ngeClassics, okanye esekhuluma izilimi eziyisikhombisa.
Translator, writer, poet, researcher, cook and collector of arcana, with a Masters in Classics and (so far) seven languages under my belt.

Leave a Reply

Discover more from uMabhengwane

Subscribe now to keep reading and get access to the full archive.

Continue reading